![](https://learn.thanda.org/wp-content/uploads/Springloaded-Zulu-1.jpg)
Ubuciko
Iminyaka 3 - 8
U-Springloaded
obhalwe ngu Sam Wilson, wakhiwa ngu Chenel Ferreir, wahlelwa ngu Judith Brown, imidwebo yenziwe ngu Nicole De Klerk
Ubaba kaNeo ungumsunguli. Ngesikhathi ubaba kaNeo esungula isigqoko esiyibhanoyi esinophephela wandiza ngaso wahamba, uNeo waba nesithukuthezi, wabe esethatha isinqumo sokuthi asungule okwakhe. Kodwa akusungulile kunamndla kakhulu kangangokuthi ucishe ungena enkingeni. Hlanganyela nathi kulendaba enamandla ukuthola ukuthi uzophuma kanjani kulenkinga nokufunda ngokubaluleka komndeni nokubumbana.
![](https://learn.thanda.org/wp-content/uploads/Creativity-2.png)
Ubuciko
Iminyaka 3 - 8
Asike sisebenzise ikhono lokusungula
Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya
Isitephu 4
Chaza ukuthi ipeni noma uluthi libukeka engathi liyagoba uma lisemanzini ngenxa yokuzabalaza kokukhanya emanzini, ipeni silibona ngoba ukukhanya kushaya kubuye epenini kodwa lokho kukhanya kuyehla isivinini uma kusemanzini njengoba isandla senzile; lokwehla kwesivinin kwenza ipeni libukeke engathi ligobile kancane.
Isitephu 6
Egumbini elimnyama beka ujeke noma ingilazi enamanzi phezu kwephepha elimhlophe. Khanyisa ithoshi lakho eceleni libheke phansi ngendlela yokuthi ukukhanya kuvele ephepheni. Nyakazisa ithoshi lakho kuma engela angafani uze uthole indawo elungile ubone uthingo luvela ephepheni (qaphela: uthingo lakho lizoba nemigqa eqondile hhayi egobile njengale esiyibona esibhakabhakeni.)
Xoxani ngendaba ndawonye:
“Ubaba kaNeo ungumsunguli. Ngesikhathi ubaba kaNeo esungula isigqoko esiyibhanoyi wandiza ngaso wahamba, uNeo wabe esethatha isinqumo sokuthi asungule okwakhe naye.”
Iba nengxoxo nomtwana umubuze le mibuzo elandelayo. Asikho isidingo sokuthi uyibuze yonke kepha le ngeminye yemibono nje yemibuzo ongayibuza. Ungabuza neyakho imibuzo:
- Ngabe kusho ukuthini ukuthi into i-springloaded?
- Uma ucabanga usunguleni/wakheni uNeo?
- Kungani uNeo esungula into yakhe naye?
- Ngabe ubaba kaNeo waba namthelela muni kwisakhiwo sikaNeo?
- UNeo ubukeka ebhorekile emva kokuthi ubaba wakhe endizile wahamba. Ngabe ukubhoreka kwakhe kumenza kanjani ukuthi akhombise ubuciko?
- Ngabe bubaluleke ngani ubuhlakani (creativity)?
- Ubaba kaNeo umshiya yedwa uNeo, uma ucabanga ukwenziswa yini lokho? Ngabe ubezama ukumulahla noma ingoba ematasa(ebhizi) ngezinye izinto edidekile? Kungabe ubefuna uNeo aphatheke kabi? Wake wamuphatha kabi omunye ungaqondile? Wenzani kuyena le eyamphatha kabi?
- Isakhiwo sikaNeo sisebenza kahle kakhulu kangangokuthi size sacishe samufaka enkingeni. Ngabe sicishe simfaka kanjani enkingeni?
- Ngesikhathi uNeo ebona ukuthi usendizela kude kakhulu, wenzani ukulungisa leyo inkinga? Ubaba wakhe uyamnqaka ngenkathi esewela phansi emhlabeni. Yini ebingenzeka kuNeo ukube ubaba wakhe ubengekho? Ngabe lokhu kusitshelani ngokubaluleka komndeni?
- Ngabe lendaba isisiza kanjani ukuthi sicabange ngoBuntu?
- Uma ucabanga kungani ubaba kaNeo akha ezakhe izicathulo ezinama-springs? Uma ucabanga kungani akha nezekati futhi?
- Ngabe lokhu akufake ezindololwaneni kuyamugcina ephephile uNeo?
- Uma ucabanga ibalulekile isayensi?