
Ukuzwelana
Iminyaka 3 - 8
u-Goldfish Genius
ubhalwe ngu Sam Wilson, wakhiwa ngu Chenel Ferreira, wahlelwa ngu Ester Levinrad, imibhalo yenziwa ngu Nicole De Klerk
uNeo uthola isipho senhlanzi eyigolide kubaba wakhe. uNeo uyayithanda inhlanzi yakhe yegolide futhi uhlabeka umxhwele ngendlela ehlakaniphe ngayo inhlanzi. Naye uGoldfish uyamthanda uNeo futhi uyakujabulela ukuba naye. Uma uNeo nobaba wakhe bephumela ngaphandle ukuyodlala ibhola uGoldfish uzizwa esele yedwa. Kunokuthi acasuke uGoldfish usungula icebo lokuthi naye akwazi ukuhamba ukuze adlale umdlalo naye. Ngebhadi lokhu akusungulile akucatshangiwe kahle kangangoba kugcina kuba ingozi. Ingabe uNeo uzomtakula noma uzomlahla abe ukudla kwengwane (octopus)? Hlanganyela nathi ukufunda lendaba ejabulisayo ukuthola.

Ukuzwelana
Iminyaka 3 - 8
Asike sisebenzise ikhono lokusungula
Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya
Isitephu 1
Ukwenza lomsebenzi uzodinga indishi noma isitsha esinamanzi kanye nezinto ezisindayo nezilula ezitholakala ngaphakathi endlini noma ngaphandle kwimvelo.
Isitephu 2
Cela abantwana bahlole ngokufaka emanzini izinto ezahlukene ukubona ukuthi yini entantayo futhi yini ecwilayo. Abantwana abachaze ukuthi okwenzekayo kwenzeka kanjani futhi uma becabanga kungani kwenzeka ngalendlela okwenzeka ngayo nokuthi izinto zihluke kanjani.
Isitephu 1
Ukwenza lomsebenzi udinga ikhophi yamaphazili ongakwazi ukuwa-dowload enezingcezu eziyi-12, ucezu lika khalibhodi, isikelo, i-glu kanye namakhrayoni.
Isitephu 1
Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yesondo lemibala ongakwazi ukuli-dowload, ucezu lokhalibhodi, amakhrayoni noma amapeni awumbala, intambo ,i-glu nesikelo.
Isitephu 6
Zungezisa uhlamvu lwakho ngokubamba ichopho lokugcina lentambo isandla ngasinye bese ushwiba uhlamvu izikhathi eziningana ukuze izintambo zihlangane. Zibuyisele phakathi uphinde uzikhiphe izintambo kungathi udlala inkosintini ukuze uhlamvu luzungeze ngokushesha. Uma lizungeza ngokushesha kakhulu inkohliso ezokwenziwa imibala izogqama kakhulu.
Xoxani ngendaba ndawonye:
- Laphatheka kanjani ikati ngesikhathi uNeo ejabuliswa inhlanzi esagolide? Uma ucabanga kungani liba nomona ikati?
- Ngabe uNeo nobaba wakhe bazama ukukhipha inyumbazane inhlanzi esagolide? Ngabe bamukhipha inyumbazane ngempela? Wake wazizwa sengathi awusiyona ingxenye? Kwenzakalani? Kwakwenza wazizwa kanjani? Wake wamkhiphela omunye umuntu ngaphandle kwanoma ngabe yini? Wawukwenzelani lokho? Ucabanga ukuthi leso isenzo esihle?
- Inhlanzi esagolide ihleli endishini yayo futhi ayinayo inkululeko efana nale yabantu noma yekati; kungani lokhu kunzima kwinhlanzi? Ungaphatheka kanjani ukuthola ukuthi kunabantu ohlala nabo abakwazi ukuya nokwenza nona yini abayithandayo wena ungakwazi? Kungakwenza uphatheke kanjani ukuhlala endishini yengilazi kanhlanzi?
- Kungani uNeo nobaba wakhe bekhathazekile uma bebona inhlanzi esagolide indiza idlula kubona? Inhlanzi esagolide ayibonakali ikhathazekile; uma ucabanga iyabona na ukuthi isengozini?