
Ukuzwelana, Umbono
Iminyaka 3 - 8
Buya, Kati?
ubhalwe ngu Nicole Rijsdijk, yakhiwa ngu Sam Scarborough, imidwebo yenziwe ngu Karen Lilje
inganekwane ethokozisayo mayelana nekati elizimele! Noma kunjalo leli kati libukeka lingakuthakaseli ukulalela imiyalelo… kodwa libonakala lithakasela kakhulu ukuganga nokwenza okungajwayelekile. Kungani pho livele labuya lalala embhedeni walo ngokujabula? Futhi ikuphi inkukhu?!

Ukuzwelana

Umbono
Iminyaka 3 – 8
Asike sisebenzise ikhono lokusungula
Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya
Isitephu 1
Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yochungechunge lokudla, amakhrayoni noma amapeni ayimibala kanye isikelo.
Xoxani ngendaba ndawonye:
- Linjani umbala ikati? Usuke walibona kuphi phambilini ?
- Adlani amakati? Ingabe adla izitshalo, inyama, noma kokubili?
- Ingabe ikati liyakwazi ukulalela kahle?
- Uke waba nobunzima ukwenza okutsheliwe? Kungani noma kungani ungakaze?
- Eziphi ezinye izinto ezenziwa ikati ekungafanele lizenze?
- Ikati liwasebenzisela ini amadevu alo?
- Uma ucabanga licabangani ikati ekhasini lokuqala lencwadi?
- Ingabe leli kati ligangile noma lifuna ukwazi okwenzekayo (noma kokubili) ? isho isizathu/ubufakazi balokhu okushoyo.
- Iziphi izilwane elihlangane nazo ikati?
- Lixhumana kanjani ikati nezilwane elihlangana nazo edleleni?
- Kwenzekani ikati uma libona inkukhu?
- Kungabe ikale laliwumngane wenkukhu? Kungani usho njalo?
- Lazizwa kanjani ikati uma selihlangana nenkukhu?
- Basichitha kuphi isikhathi sabo esiningi?
- Ekupheleni kwendaba, ikati livela linesisu esikhulu nezimpaphe zindiza emoyeni. Mawucabanga kwenzekeni enkukhwini? Kungani ucabanga kanjalo?
- Lilala kuphi ikati ekupheleni kwendaba?
- Lizizwa linjani ikati ekugcineni kwendaba?