![](https://learn.thanda.org/wp-content/uploads/Where-is-that-Cat-ZULU.jpg)
Ukuzwelana & Umbono
Iminyaka 3 - 8
Liphi ikati?
ubhalwe ngu Sam Wilson, wakhiwa ngu Chenel Ferreira, yahlelwa ngu Louis Greenberg, imidwebo yenziwe ngu Nicole De Klerk
uNeo nobaba wakhe bangabasunguli. Cishe bakwazi ukuxazulula zonke izinkinga… kodwa abalitholi ikati likaNeo!, uNeo ulibheke yonke indawo ikati lakhe kodwa livele lanyamalala nje. Mhlampe lokhu kubangelwe into entsha esungulwe ubaba wakhe. Hlanganyela no-Neo njengoba ehlela ukubuyisela ekhaya umngani wakhe oyigugu.
![](https://learn.thanda.org/wp-content/uploads/Empathy-2.png)
Ukuzwelana
![](https://learn.thanda.org/wp-content/uploads/Perspective-1.png)
Umbono
Iminyaka 3 – 8
Asike sisebenzise ikhono lokusungula
Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya
Isitephu 1
Ukwenza lomsebenzi uzodinga ipeni lomsizi, irabha, amakhrayoni, ikhophi yomsebenzi Yini engekho?
Kulokhu kuhlola kwamanzi, abantwana bazofunda ukuthi amatshe ayawagudluza amanzi ngokuthi athathe indawo. Ngenxa yokuthi amatshe ayasinda kunamanzi, ayacwila emanzini bese ephusha amanzi aye phuezulu.
Isitephu 5
Uma abantwana sebefake amatshe anele ukwenza amanzi acishe agcwale esitsheni (uma uwathola kalula amanzi ekhaya ungabadedela abantwana bafake kuze kuchitheke), ima isikhashana bese nikhuluma ngokuthi amatshe ayithatha kanjani indawo lapho bekukhona amanzi, amanzi ayaphoqeka ukuthi agudluke. Buza abantwana ukuthi mabecabanga amatshe amakhulu noma amancane angagudluza amanzi ngokushesha.
Isitephu 1
Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi lekhasi lokusebenzela, amakhrayoni kumbe amapeni ayimibalabala kanye nerabha.
Isitephu 1
Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yephepha lamaphazili, amakhrayoni, ukhalibhodi, i-glue.
Isitephu 3
Faka amanzi kancane kancane esitsheni bese udedela abantwana babheke ukuthi kwenzakalani.
Uma zinto zintanta emanzini zizophusheka ziye phezulu njengoba ziphoqwa amanzi ukuthi zisuke endaweni yazo (ngoba amanzi ayasinda kunezinto ezintantayo ngakho zona ziyagudluzeka njengoba amantshe egudluza amanzi).
Xoxani ngendaba ndawonye:
- Kungani uNeo ahamba ukuyobheka ikati lakhe? Ngabe lokhu kusifundisani ngobungani kanye nomthwalo (responsibility)?
- Wenzani uNeo ukuthola ikati lakhe?
- Ngokuhamba kwesikhathi, walithola kuphi ikati lakhe uNeo?
- Kungani uNeo azinciphisa?
- Ngesikhathi uNeo esenciphile, ingadi iba indawo esabekayo kakhulu. Kungani kunjalo?
- Uma ungena kumshini enciphisanayo bese uya engadini, eyiphi into esabisayo ocabanga ukuthi ungayisaba kakhulu?
- Kungani ubaba kaNeo emangala uma ebona imoto enkulu ekupheleni kwendaba?
- Ibuphi ubungozi obukhona ekubeni nomshini onciphisanayo ekhaya lakho?
- Isho imibala eyahlukene esencwadini bese uyiqondanisa nezinto ezahlukene eziyimvelo.
- Chaza umehluko phakathi kweqhinga, umlingo, inkohliso kanye nesayensi.
- U-Arthur C. Clark odumile wathi: “noma ngabe ibuphi ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu buchazeka njengomlingo”. Ngabe uyavumelana naye? Kungabe abantu ababephila eminyakeni eyikhulu eyadlule bacabanga ukuthi iselula iwumlingo?
- Unaso isilwane esifuywayo? Uma ungenaso, noma uma ungaba naso, kungaba isiphi? Ngobani?
- Uma ungaba nesilwane esifuywayo emhlabeni kungaba isiphi? Ngobani?
- Isho imizwa eyahlukene uNeo abanayo ngezikhathi ezahlukene endabeni. Isibonelo, uma ethola ukuthi ikati lakhe lidukile wazizwa kanjani? Wazizwa kanjani ngesikhathi emncane nangesikhathi ebona ishongololo?