
Ukucabanga ngokujulile
Iminyaka 2 - 10
uGruffalo
obhalwe ngu Julia Donaldson kanye no Axel Scheffler
igundane elincane lisungula isilwane elizicabangela sona, u-Gruffalo, ukusabisa izilwane elihlangana nazo ukuze zingalidli. Igundane liba novalo olukhulu uma selihlangana ubuso nobuso ne Gruffalo yangempela kodwa lacabanga ngokushesha labe seliqhamuka necebo ukuzigcina liphephile! Thola ukuthi likwenza kanjani lokhu…

Ukucabanga ngokujulile
Iminyaka 2 - 10
Asike sisebenzise ikhono lokusungula!
Bheka lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya
Xoxani ngendaba ndawonye:
- Kungani igundane litshela wonke umuntu nge Gruffalo? Futhi kungani wonke umuntu ebaleka uma igundane lisho ukuthi iGruffalo ithanda ukudla ini?
- Kungabe lezilwane ezilandelayo zihlala kuphi?
- Isikhova
- Impungushe
- inyoka
- Maningi amanga akhulunywa igundane kulendaba, futhi uyaphumelela kodwa wacishwe wabanjwa. Yini ubungozi bokukhuluma amanga?
- Ingabe ukhona umuntu owake wakutshela amanga?
- Wazizwa kanjani ?
- Usuke uwakhulume amanga? Kungani wakhuluma manga?
- Igundane isona silwane esingenamandla kulezi ezise ndabeni kodwa Ilona elinqobayo. Ingabe lokhu kuyenzeka nasempilweni?
- Ingabe kungcono ukuba namandla noma kungcono ukuhlakanipha? Nikeza isizathu kukona kokubili.
- Igundane lisebenzisa imicabango yalo ukuze lisinde kwindawo elihlala kuyona. Ingabe wena imicabango yakho ukusiza kanjani kwindawo ophila kuyona?
- Ingabe igundane ne Gruffalo bafana ngani? Yini futhi abahluke ngayo ?