![](https://learn.thanda.org/wp-content/uploads/The-Gruffalo-Cover-Zulu-4.jpg)
Ukucabanga ngokujulile
Iminyaka 2 - 10
uGruffalo
obhalwe ngu Julia Donaldson kanye no Axel Scheffler
igundane elincane lisungula isilwane elizicabangela sona, u-Gruffalo, ukusabisa izilwane elihlangana nazo ukuze zingalidli. Igundane liba novalo olukhulu uma selihlangana ubuso nobuso ne Gruffalo yangempela kodwa lacabanga ngokushesha labe seliqhamuka necebo ukuzigcina liphephile! Thola ukuthi likwenza kanjani lokhu…
![](https://learn.thanda.org/wp-content/uploads/CriticalThinking-2.png)
Ukucabanga ngokujulile
Iminyaka 2 - 10
Asike sisebenzise ikhono lokusungula!
Bheka lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya
Xoxani ngendaba ndawonye:
- Kungani igundane litshela wonke umuntu nge Gruffalo? Futhi kungani wonke umuntu ebaleka uma igundane lisho ukuthi iGruffalo ithanda ukudla ini?
- Kungabe lezilwane ezilandelayo zihlala kuphi?
- Isikhova
- Impungushe
- inyoka
- Maningi amanga akhulunywa igundane kulendaba, futhi uyaphumelela kodwa wacishwe wabanjwa. Yini ubungozi bokukhuluma amanga?
- Ingabe ukhona umuntu owake wakutshela amanga?
- Wazizwa kanjani ?
- Usuke uwakhulume amanga? Kungani wakhuluma manga?
- Igundane isona silwane esingenamandla kulezi ezise ndabeni kodwa Ilona elinqobayo. Ingabe lokhu kuyenzeka nasempilweni?
- Ingabe kungcono ukuba namandla noma kungcono ukuhlakanipha? Nikeza isizathu kukona kokubili.
- Igundane lisebenzisa imicabango yalo ukuze lisinde kwindawo elihlala kuyona. Ingabe wena imicabango yakho ukusiza kanjani kwindawo ophila kuyona?
- Ingabe igundane ne Gruffalo bafana ngani? Yini futhi abahluke ngayo ?